Uhlu lwesikhathi lsamba samahora angu 6 namaminithi angu 30 esivunyelwe uqeqesho ngalunye. lzikhathi okungasetshenzelwa kuzona kusukela ngo 08:30 kuya ku 15:OO lokhu kufaka amaminithi angu etiye, angu 30 okudla kwasemini, kanye namaminithi angu 10 ezingeniso neziphetho. Lokhu kushiya amahora angu 5 namaminithi angu 30 esikhathi sokuqeqesha.
Kubekeke kumsizi ukunquma izikhathi zetiye nokudla kwasemini. lzikhathi okungasetshenzelwa kuzo zinikeziwe ngesigaba ngasinye, kanti abasizi kumele baqinise isandla ngezikhathi zesigaba ngasinye ukuze kungasalelwa emuva.
Loluphawu luzokhombisa umsizi ukuthi athathe isikhathi eside kangakanani ukuqeda isahluko ngasinye kuloluqeqesho.
Ungazami ukusebenzisa amagama abhaliwe njengoba enjalo emqulwini wokuqeqesha.
Sebenzisa awakho. lyona ndlela kuphela ongazwakala ngayo kahle futhi nokuthi unokuzethemba.
Qinisekisa n jalo ukuthi ubabheka ngqo emehlweni ngesikhathi soqeqesho ukuqinisekisa ukuhoshelana nalabo obasizayo.
Qinisekisa ukuthi uyalazi uhlu lwesikhathi soqeqesho nokuthi uzifunde zonke izigaba zomqulu wokuqeqesha ngaphambi kokuqala uqeqesho. Amalungu eqembu angakubuza imibuzo ngezindaba ezisazothintwa ezigabeni ezilandelayo zomqulu wokuqeqesha, kanti kuyokonga isikhathi ukuthi ukwazi ukubatshela ukuthi imibuzo yabo isazophenduleka ekuqhubekeni koqeqesho. Qaphela, eminye imibuzo ingase ingaphenduleki kuloluqeqesho kodwa ingase ithinteke oqeqeshweni oluzayo.
Umqulu wokuqeqesha ubhalwe wamiswa ikakhulukazi njengethuluzi ongabuyela kulona njalo uma ifuna ulwazi oluthize. Zama ukukhomba abaqeqeshwayo njalo ezigabeni zomqulu wokuqeqesha ukuze ubanike izindawo abangabuyela kuzo uma bezidinga emuva koqeqesho.
Ngamanye amazwi, umsebenzi obalulekile waloluqeqesho ukwenza umqulu wokuqeqesha kube lula ukuwusebenzisa nokuthi uqondisiseke ngokugcwele ukuze ube indawo yolwazi okungabuyelwa kuyo esikhathini esizayo. Qinisekisa ukuthi abafundi bayaqonda ukuthi awuzukuvula ikhasi nekhasi - kodwa, bazokhonjwa ezigabeni ezithize ezibalulekile.
Yiba nozwelo njalo kulabo abangase bangakwazi ukufunda nokubhala. Yize imisebenzi ekulomqulu ilandelwa isikhala sokubhala izimpendulo, kubalulekile ukugcizelela ukuthi kusemntwini ngamunye ukuthi uyafuna yini noma cha ukubhala encwadini yakhe. Batshele ukuthi njengoba eminingi yalemisebenzi izokwenziwa ngamaqoqo, kulungile uma abantu behlanganyela ngokokhuluma nie kuphela.
Gcizelela futhi ukuthi abantu bangesabi ukubuza imibuzo. Batshele bonke ukuthi kungenzeka ukuthi bakhona abanye abangase babe nemibuzo efanayo kodwa abesabayo ukubuza.
Uma abantu bebuza imibuzo bekhombisa ukuzimisela ukufunda izinto ezintsha okuyinto enhle - kumele bakhumbule, "ulwazi lungamandla!"
Zisho ukuthi ungubani wena.
Yisho ukuthi zintathu izigaba zoqeqesho ezithinta izihloko ezahlukene eziqondene nomsebenzi wamakomidi ezigceme. Uma unayo imininingwane, tshela abazoqeqeshwa ukuthi uqeqesho olulandelayo olubili luzoba nini futhi kuphi.
Banike yonke imininingwane ngakho konke okuthintana noqeqesho.
lzindlu zangasese zikuphi lsikhathi setiye nesokudla kwasemini, nokuthi kuqedwa nini ukufunda.
Amalungiselelo ezinto zokuhamba athini, kushiwo labo abathunyelwe umasipala abazozikhokhela hhayi uMnyango norna iDBSA.
lzikhathi zokubhema azigqugquzelwa ngoba isikhathi sincane futhi sibaliwe.
Omakhalekhukhwini kumele bacishwe.
Kafushane nje khuluma ngokuthi umqulu wokuqeqesha uhlelwe kanjani. Chaza ukuthi ulwazi olungeziwe lutholakala ohlangothini nokuthi uphawu ngalunye lumele ulwazi oluthile oluhlukile.
Kafushane batshele ukuthi uphawu ngalunye lumeleni.
Umhlahlandlela womsizi wokusetshenziswa komaulu m wokuqeqesha.
Kungani kubalulekile ukuhlanganyela komphakathi?
Khomba ezigabeni a-d ezingaphansi kwesingeniso lmuphi umthetho okhishiwe wokuhlanganyela komphakathi?
Umthetho wezintela zempahla kaMasipala lziphi izindawo ezibalulekile ezidinga ukuhlanganyela komphakathi?
Yenzani lomsebenzi ngamaqoqwana angu 4 noma 5. Cela amaqoqo enze uhla lwezindlela umphakathi ongahlanganyela ngazo ezindabeni zikaHulumeni waseKhaya.
Tshela iqembu ukuthi lesi cishe isona sahluko esibaluleke kakhulu kulomqulu wokuqeqesha.
Yenza umsebenzi kuqala ukuze ukhombe lapho izindawo zabo eziyinkinga zikhona. Benze basebenze ngamaqoqo o 4 noma 5.
Bakhombe lsijobelelo 7 - batshengise ukuthi imikhawulo yezinkomba kumele ifakeni.
Bakhombe lsijobelelo 2 - betshengise ukuthi indlela yokuziphatha kumele ifakeni.
Tshela iqembu ukuthi ihhovisi labo'lika~dmlomo'kumele likwazi ukubahlinzeka ngenkomba yokuthi bangawathola kuphi amakhophi omthetho okhishiwe oqondene nokumele bawazi.
Komidi lesigceme - bheka 6.
Khansela lesigceme - bheka 6.
Amalungu ekomidi lesigceme - bheka 6.4 esahlukweni.
IikaSomlomo yayiyini kuloluhlelo Unombolo 7.3 esahlukweni ukhuluma ngokhetho lwamalungu ekomidi lesigceme - chaza kafushane ukuthi ikhansela lesigceme noSomlomo kumele benzeni kuloluhlelo lokukhethwa kwamalungu ekomidi lesigceme?
Khumbuza iqembu ukuthi isijobelelo 6 singabanika ulwazi olufingqiwe ngokhetho nezinqubo zokuvota.
Kuyini ukuthuthukiswa kwamandla?
Ukuthuthukiswa kwamandla noma ukusekela amalungu ukuze akwazi ukusebenzisa amandla awo, enze umsebenzi wawo futhi adlale izindima zawo.
Kungani sidinga ukuthuthukisa amandla?
Yenza umsebenzi ngamaqoqo o 4 noma 5.
Bakhombe kunombolo 5 wesahluko - kafushane nie thinta amaphuzu anohlamvu.
Bangaqinisekisa kanjani omasipala izinsiza ezilondekayo zentengo ephansi.
Gcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi umphakathi uzazi izinsiza ozozithola. Emaphandleni ikakhulukazi, abantu bajwayele ukuqhathanisa izinsiza zabo nalezozinsiza ezisemadolobheni arnancane namakhulu ngakhoke abathokozile neze. Tshela iqembu ukuthi kubalulekile ukuthi umkhandlu wabo uqondisise ngarnazinga ezinsiza batshengise itebhula elikunombolo 4.1 nokuthi amazinga ezinsiza axhunyaniswe nalokho abantu abangakwazi ukukukhokhela.
Ubani onesibopho sokuhlinzeka ngezinsiza?
lkakhulukazi umasipala, kodwa kaningi umasipala akakwazi ukwenza njalo ngenxa yokuswelakala kwezimali/ amandla okusebenza.
Chaza kafushane ngakunye kulokhu okungenhla - bheka unombolo 3 walesisahluko lyini indima yekomidi lesigceme ekuthulweni kwezinsiza?
Khuluma ngemithetho elusa umasipala ekwethulweni kwezinsiza.
lsho imithetho yokubusa okuhle - nombolo 8.
Kungani uMasipala abe nama MSP?
Ngesinye isiskhathi omasipala abanawo amafa anele ukunikeza izinsiza.
Chazela iqembu ukuthi iyini indima yabo njengekomidi lesigceme ohlelweni IweMSF!
Umthetho wokusebenza komasipala (Systems Act) 580 ubeka ukuthi umasipala kumele amise indlela nohlelo lokubonisana nomphakathi nokusabalaliswa kolwazi mayelana nezivumelwano zokwethulwa kwezinsiza. Tshela iqembu ukuthi bayilezozindlela.
Yenza imisebenzi esekugcineni kwesahluko ngamaqoqo o 4 noma 5. Buyisa wonke amaqoqo ndawonye uma eseqede yonke imisebenzi emine.
Buza abaqeqeshwayo ukuthi iziphi izinkokhelo ezingenziwa komasipala.
Buza abaqeqeshwayo izinkinga omasipala babo abanazo ngokungakhokhelwa kwezinsiza.
Abantu abakhokhi abakukweleta ngezinsiza abazisebenzisile. tshela iqembu ukuthi lokhu kujwayele ukubhekwa inqubomgomo yokuqondisa abakweletayo neyokuqoqwa kwezikweletu - lena imithetho ethinta abantu abakweleta imali kamasipala. Buza abaqeqeshwayo ukuthi omasipala babo banayo yini inqubomgomo yokuqondisa abakweletayo neyokuqoqwa kwezikweletu.
Buza abaqeqeshwayo ukuthi umasipala wabo unayo yini inqubomgomo yokuxhasa abantulayo.
Babuze ukuthi bacabanga ukuthi inqubomgomo yokuxhasa abantulayo iyini.
Chaza kafushane ukuthi kunani kunombolo 3 walesisahluko.
Chaza ukuthi omasipala kumele balandele imithetho ethize uma beqalisa inqubomgomo yabo yokuxhasa abantulayo futhi kumele babeke ezabo izindlela zokuthi amalungu omphakathi angaphumelela kanjani ukungena kuloluxhaso Iwabantulayo. Kumele futhi banqume ngezinga, ukusabalalisa, ukuqondana, izindlela zokuqondisa kanye nezinyathelo zokubhekana nobugebengu mayelana noxhaso Iwabantulayo.
Buza abaqeqeshwayo ukuthi iyiphi indima, bona njengamalungu ekomidi lesigceme, abangayidlala ohlelweni lomxhaso wabantulayo.
lsho amaphuzu anohlamvu kunombolo 4 wesahluko.
Yenza umsebenzi osekuqaleni kwesahluko. Tshela abaqeqeshwayo ukuthi basebenze nomunye umuntu ohleli eceleni kwabo. Kusho ukuthi: ngababili.
Tshela iqembu ukuthi lomsebenzi ongenhla kumele ubanike umqondo wokuthi umhlangano ubuhlelwe kahle kangakanani, nokuthi manje sebezobuka ukuthi izinto kumele zenziwe kanjani ukuze umhlangano ube nempumelelo.
Amalungu noma umphakathi kumele ube nesimemezelo esifanelekile somhlangano.
Amaminithi omhlangano kumele athathwe. Buza iqembu ukuthi ukhona yini omunye wabo owake wathatha amaminithi omhlangano.
Tshela iqembu ukuthi sebezobheka izinqubo okumele amakomidi ezigceme azilandele ukuze babe nemihlangano enempumelelo. Tshela iqembu ukuthi yize amakomidi abo ezigceme esemile esesebenza, kanti futhi enemihlangano enempumelelo, akusiye wonke umuntu okulesosikebhe. Ngesizathu salesisahluko sizoqala ekuqaleni - uma ikhansela lesigceme kumele lilungiselele umhlangano wokuqala wekomidi lesigceme.
Umhlangano wokuqala wekomidi lesigceme - inombolo 2.2.
Ukuqhuba umhlangano - inombolo 2.4. Khuluma ngerejista yabakhona emhlanganweni, bese ukhomba lsijobelelo 7 3 lapho kunesibonelo.
Amathiphu okuba uSihlalo womhlangano -inombolo 2.
Buza iqembu ukuthi liyazi yini ukuthi iyini imithetho emisiwe ehleliwe.
Kafushane kakhulu bachazele ukuthi lomqulu enemithetho yokuthi imihlangano kumele iqhutshwe kanjani. Isibonelo: ngokuthamela umhlangano, indlela yokugqoka, isibalo esivunyelwe sabethamele umhlangano, ukuziphatha emhlanganweni, ukuveza amaqiniso ngobudlelwano, imfihlo yomhlangano, ukuvota, ukubuza imibuzo emhlanganweni, njll.
Tshela abaqeqeshwayo ukuthi akusiwowonke amakomidi ezigceme anemithetho emile ehleliwe njengamanje, kanti futhi amaningi alawulwa imikhawulo yezinsiza yabo leyo ebhekana nezinye (hhayi zonke) izindaba ngemithetho emile ehleliwe.
Yenza isingeniso ngesihloko sokuphathwa komsebenzi - bheka lsingeniso ekuqaleni kwesahluko.
lyiphi indima okumele idlalwe umasipala mayelana nokusekela ukuphathwa komsebenzi kwamakomidi esigceme?
Nenza kuphi ukuphathwa komsebenzi ekomidini lenu lesigceme noma emisebenzini yenu engaphandle kwekomidi lesigceme?
Ukuphathwa kwamabhuku nokuqondisa ezezimali.
Ukuxhumana ngokubhalelana izincwadi.
o . Imibiko - tshela iqembu ukuthi ukubhala imibiko kuwumsebenzi wokuphatha obaluleke kakhulu wamakomidi ezigceme njengoba ukhombisa ubufakazi bokuthi kwenziweni, kwavunyelwana ngani, kwaboniswana ngani, njll ekomidini labo lesigceme. Tshengisa abaqeqeshwayo lsijobelelo 78 lapho kunesibonelo sethemplethe yombiko, kanye Nesijobelelo 79 lapho kunesibonelo sombiko wangempela. Uma kuboniswana ngesijobelelo 19, thinta kafushane amaphuzu anohlamvu abhekene nesijobelelo ekugcineni kukanombolo 4.5 kulesisahluko.
o lzinhlelo zokusebenza - tshengisa abaqeqeshwayo lsijobelelo 20 lapho kunesibonelo sohlelo lokusebenza. Chitha umzuzu noma emibili uchaze ukuthi luyini uhlelo lokusebenza.
Ukukhuluma ocingweni. Tshela iqembu ukuthi amakhono amahle okukhuluma ocingweni abalulekile, bese ubacela ukuthi bakunike izibonelo zamakhono amahle okukhuluma ocingweni. lsho amakhono ambalwa okukhuluma nocingo njengokusohlweni kunombolo 5.1 wesahluko. Khomba iqembu lsijobelelo 2 7 lapho kunesibonelo sefomu yombiko wocingo.
Ngoba kubanika bona, niengabaholi bomphakathi abangabandanyeka emisebenzini ekhishiwe noma amaqembu amaprojekthi emphakathini, izinyathelo ezingasebenza ngokuthi bangayiqala kanjani imisebenzi ekhishiwe yentuthuko ngokungamela imisebenzi ekhishiwe.
Khomba emaphuzwini anohlamvu ngaphansi kukanombolo 1 wesahluko. Bese ukhomba esibonelweni somsebenzi okhishiwe.
Cela iqembu ukuthi lisho ezinye izibonelo zemisebenzi ekhishiwe abake babandanyeka kuyo.
Babuze ukuthi ngabe yayiyimisebenzi ekhishiwe yesikhathi eside noma eshesha ukuphela.
Khomba kunombolo 3 wesahluko.
Phawula kafushane izinyathelo ezisebenzayo (izinyathelol - 8) ekuphathweni kwemisebenzi ekhishiwe. Ungagxili kakhulu emininingwaneni, gxila ohlwini lokuhlola nasezibonelweni.
Yenza isingeniso sesihloko. Bheka lsingeniso ekuqaleni kwesahluko.
Amakomidi ezigceme adingani ukuze aqondisise ngezigceme zawo?
Yenza imibuzo ebuzeka njalo'. a Kumele baqonde impilo yomp akathi lmiphi imigudu engasetshenziswa amakomidi ezigceme ukukhomba izidingo zomphakathi?
Umsebenzi wokufinyelela emphakathini.
Ukululekela kude ezinhlanganweni nasezikhungweni - bheka emaphuzwini anohlamvu lapho kunezibonelo ngaphansi kuka 1.
Ukululekela ngqo kubavoti - bheka emaphuzwini anohlamvu lapho kunezibonelo ngaphansi kuka 1.
Yenza umsebenzi ngamaqoqo 04 noma 5 ekupheleni kwesigaba 1 sesahluko.
Khomba esigabeni sokuqala sikanombolo 2.1 wesahluko. Ungangeni emininingwaneni eminingi.
Yisho izinombolo a - f ngaphansi kukanombolo 2.1 wesahluko. Ungangeni kakhulu emininingwaneni.
Kungani omasipala benoHlelo IokuPhathwa koKwenziwa Komsebenzi Tshela iqembu ukuthi kumele bakwazi lokhu njengoba sebedlulile kuPMS esahlukweni 12?
Umthetho wokusebenza komasipala (Systems Act) ubeka ukuthi omasipala, ngezindlela ezifanelekile, izinhlelo nezinqubo, kumele babandakanye umphakathi ekwakhiweni, ekuqaliseni ukusebenza nasekubuyekezweni kohlelo lukamasipala lokuphathwa kokwenziwa komsebenzi futhi, empeleni, bavumele umphakathi uhlanganyele ekubekweni kwezinkomba ezifanele zokwenziwa komsebenzi nemigomo yokwenziwa komsebenzi kumasipala.
Umphakathi ungahlanganyela kanjani kuPMS kamasipala?
lsho amaphuzu anohlamvu eduze kwaphezulu kunombolo 2.2.
lntuthuko ingukwandisa okungakhethwa kukhona abantu empilweni. lnika abantu amafa adingekayo abangakhetha kuwo ukuze benze izimpilo zabo zibe ngcono.
Ngamagama alula ukuthuthukiswa komphakathi kusho imizamo ewusizo kaHulumeni nemiphakathi yokufunda nokusebenza ndawonye ekubhekeleni izidingo ezinqala zemiphakathi ngokwenza ubungcono ezirnpilweni zabo, ukwenza ngcono ukwethulwa kwezinsiza, nokuveza amathuba angcono emisebenzi.
Kungani kunesidingo sokuthuthukisa umphakathi Qhathanisa izimpendulo zabaqeqeshwayo namaphuzu anohlamvu ngaphansi kukanornbolo 1 wesahluko?
lyini indima kaHulumeni waseKhaya ekuthuthukisweni komphakathi?
I-IDP izama ukuphakamisa imiphakathi. Khumbuza iqembu ukuthi I-IDP isithintiwe esahlukweni 14.
Bese ubuza iqembu, ukuthi iyini indima yamakomidi ezigceme kwi-IDP Khomba kunombolo 4.1.3 esahlukweni?
Nikeza incazelo yeLED - Khomba kunombolo 4.2.1.
Nikeza izibonelo zezinhlelo ze-LED - bheka kunombolo 4.2.4. Bese ubuza iqembu ukuthi lingacababga yini ezinye izinhlelo ze-LED ezisezindaweni zabo ezingashiwongo.
Ukuhlinzekwa ngarnanzi amahhala - Chaza kafushane nombolo 5.1.
Nikeza iqembu izibalo zokubonisa isimo sendaba - bheka kunombolo 6.
lziphi izindlela ezahlukene zokuxhumana?
Ukuxhumana buthule - nikeza izibonelo zokuxhumana buthule. Umsebenzi osamdlalo owokwenza amalungu eqembu ukuthi akhombise uhlobo lokuxhumana buthule bese uyekela iqembu lonke liqagele ukuthi lowo okhuluma buthule uzama ukuthini.
Yenza umsebenzi ekugcineni kwesahluko ngamaqoqo o 4 noma 5.
Funda amaphuzu anohlamvu kunombolo 2.3 wesahluko.
Kungenziwa kanjani ukuthi ukuxhumana kusebenze kahle?
Funda amaphuzu anohlamvu kunombolo 2.4.
Funda amaphuzu 3.1 kuya ku 3.10. Chaza kafushane ukuthi iphuzu nephuzu lingasetshenziswa kanjani uma kuxhunyanwa, futhi nobani.
lngabe wonke umuntu eqeniini sewake wakhuluma yini esidlangaleni Buza-ke abaqeqeshwayo ukuthi kungani becabanga ukuthi ukukhuluma esidlangaleni kubalulekile kumakomidi ezigceme?
lsho amathiphu okukhuluma esidlangaleni - kafushane thinta amaphuzu a-h.
Yenza umsebenzi ngaphansi kwesingeniso sesahluko ngamaqoqo o 4 noma 5.
Tshela iqembu ukuthi noma ngabe ikuphi lapho kunabantu abahlala futhi besebenza ndawonye, kuyohlale kunezimo ezibucayi ezingavela. Ezinye zalezizimo kungabhekwana nazo kalula kunezinye, ngakhoke ukuba namakhono amahle obudlelwano kungasiza abantu ekubhekaneni nezimo ezibukhuni.
Ungabhekana kaniani nabantu abalukhuni Yenza iqembu likunike imibono embalwa?
Qhathanisa imibono yabo namaphuzu anohlamvu ngaphansi kuka 1.3 wesahluko.
Ungazixazulula kanjani izinkinga?
Ungabakhuthaza kaniani abanye Yenza iqembu likunike imibono embalwa?
Qhathanisa imibono yabo namaphuzu anohlamvu ngaphansi kukanombolo 4.
Buza abaqeqeshwayo ukuthi bangacabanga yini ngokunye ukwahlukahlukana abantu abangaba nakho.
Bese ubuza abaqeqeshwayo ukuthi bacanga ukuthi imiphi imivuzo yokuba nendawo yokusebenza evumelana nokuhlukahlukana kwamasiko. Bheka emaphuzwini anohlamvu ekugcineni kukanombolo 5 wesahluko.
Kungani kubalulekile ukulalela?
Amafa - yenza iqembu likunike izibonelo ezimbalwa.
o lzidingo zengqondo - yenza iqembu likunike izibonelo ezimbalwa.
Amagugu angafani - yenza iqembu likunike izibonelo ezimbalwa.
Yikuphi okwenziwayo nokungenziwa uma kubhekwana nodweshu?
Bese utshela iqembu ukuthi udweshu alulubi njalo. Batshele ukuthi ngesinye isikhathi luyakha. Bese ukhomba emaphuzwini anohlamvu ekupheleni kukanombolo 2 anohlu lokuthi udweshu lakha nini futhi luhliphiza nini.
Khuluma ngamakhono okuxazulula udweshu. lsho ukuthi amakomidi ezigceme amele izinhlobo eziningi zamaqembu nokuthi kungeke kwagwemeka ukuthi kuzoke kube nodweshu.
Khumbuza iqembu ukuthi udweshu akumele luhliphize njalo nokuthi zikhona izindlela lapho udweshu lungakhushulwa noma luncishiswe. Bheka lezizindlela ezihlukene njengoba zibekwe kunombolo 3 wesahluko.
Tshela abaqeqeshwayo ukuthi abasebenze ngababili, bese benza umsebenzi osekugcineni kukanombolo 4.6. Bese ubatshela ukuthi ababheke kunombolo 4 - izindlela ezihlukene ezingasetshenziswa uma kubhekwana nodweshu, babone ukuthi bangabantu abaniani, kungaba ushaka, intshe, upopayi, ujakalase noma isikhova.
Tshela amaqoqo ukuthi omunye nomunye akasebenze nalowophathini akade esebenza naye, benze umsebenzi wokuxoxisana osekugcineni kwesahluko.
Kafushane nje yenza izinyathelo zokuxoxisana njengoba zihlelwe ngaphansi kukanombolo wesahluko.
Ukuqala ukwazi ukufunda nokubhala.
Yenza isingeniso sesihloko sokuqala ukufunda nokubhala. Qoqa lsingeniso ekuqaleni kwesahluko.
ABET - Uqeqesho lwemfundo oluyisidingo lwabantu abadala itemu esilisebenzisa uma sikhuluma ngamazinga okufunda nokubhala kwabantu abadala eMzansi neAfrica.
lsho izibalo ezikhombisa isimo sokuthi bangaki abantu abadala abangenayo imfundo eyisisekelo. Bheka isigaba sokuqala sikanombolo 1 wesahluko.
Khuluma kafushane ngesikhwama sikazwelonke sokuthuthukisa amakhono NSDF khomba kunombolo 5 nokuthi singanikeza umphakathi amathuba emfundo yabadala. Khomba iqembu esijobelelweni 23 futhi, bese ubatshengisa imininingwane yokuxhumana yoMnyango wezeMisebenzi ongabanika ulwazi ngokuthuthukiswa kwamakhono.
Phetha uqeqesho ngendlela obona ifanele naleyo ozizwa ukhululekile ngayo. Qinisekisa ukuthi wonke amalungu eqembu ahamba enokuzethemba ukuthi angawusebenzisa umqulu wokuqeqesha ngokungabasiza.
Khumbuza iqembu ukuthi bangeke bafundiswa konke ngomsebenzi wamakomidi ezigceme ngezinsuku zokuqeqesha ezintathu, nokuthi lokhu abakunikiwe kuyingubo yolwazi oluqoqiwe abaludingayo ukuze basebenze kahle. Umqulu wokuqeqesha uphawula izindima nezibopho zamakomidi ezigceme, kanye nezinhlobo zemibuzo okumele bayibuze ukuze basebenze kahle.
Khumbuza iqembu ukuthi umqulu wokuqeqesha uyithuluzi abangabuyela kulo, kanti kumele bangalikhohlwa uma sebehamba oqeqeshweni. Kumele babuyele kulona balisebenzise ngezikhathi zonke uma kunokwenzeka. Batshele futhi ukuthi kungaba isu elihle ukwabelana ngolwazi abalutholile namanye amalungu amakomidi ezigceme angaphumelelanga ukubakhona oqeqeshweni.
Gcizelela futhi ukuthi ulwazi lungarnandla nokuthi kumele bafunde kakhulu kunalokhu akulindeleke kubona emisebenzini yabo. Batshele ukuthi yize umqulu wokuqeqesha uyindawo enhle yokuqala, kumele bafunde ngolunye ulwazi ngokungangamandla. Kumele bacele ulwazi kumakhansela abo ezigceme olungabasiza ukuthi benze kahle imisebenzi yabo. Lokhu kubaluleke kakhulu uma sekuyiwa emthethweni okhishiwe - kumele babe nolwazi oluhle ngemithetho ebathintayo ezindimeni zabo.
Thola uvo lweqembu ngoqeqesho. Banike amafomu okubhala uvo lwabo ngoqeqesho.
Mema imibuzo eqenjini. Babuze imibuzo uma bona bengenayo.
